Kuboshwe abasebenzi bakaMasipala ngelokukhwabanisa

2018-03-28 09:30

eThekwini - Kuboshwe abasebenzi abangu-12 bakaMasipala waseMnquma besolwa ngokukhwabanisa nenkohlakalo ngamathenda, kusho uphiko loKlebe e-Eastern Cape.

Laba basolwa bebeyingxenye yekomidi elihlaziya nokujaji bohlelo lwamathenga bavele phambi kweMantshi eButterworth ngoLwesibili ngamacala okukhwabanisa, inkohlakalo kanye nokwephula umthetho Wokuphatha imali kuMasipala.

Laba basolwa bangoLuleka Nonyongo, 39, Sakhumzi Madubela, 38, Lusindiso Patric Boya, 42, Amanda Ntamo, 35, Grace Tasana, 66, Ivy Sikhulu, 46, Kulile Clock, 43, Lubabalo Manjingolo, 30, Viwe Phindile Madolo, 44, Primrose Vuyokazi Gonya, 43, Dinyiswa Olga Mrwetyana, 34, kanye noZonwabele Plata, 63.

OLUNYE UDABA:Iphoyisa ebelingekho emsebenzini lidubule labulala ababili

Laba baboshwa ngoLwesibili kusho okhulumela oKlebe uKaputeni u-Anelisa Feni.

"Ukuboshwa kwabo kulandela uphenyo mayelana nenkohlakalo komasipala base-Eastern Cape,"kusho uFeni.

Ngokusho kwakhe, inkampani iBig Event Boy (Pty) Ltd iyabandakanyeka kulolu talatiya lokukhishwa kwethenda lokunikezela ngempahla yokuklina yonyaka nenye futhi yokwenza umsebenzi ofanayo kodwa eyeminyaka emithathu.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...