Kuboshwe abane ngemuva kokudubulana namaphoyisa e-OR Tambo

2017-07-14 16:00

Johannesburg – Amadoda amane akhalelwe ngamasongo kaSigonyela kulandela ukugagazisana ngenhlamvu namaphoyisa ngase-OR Tambo International Airport ngoLwesine ebusuku.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Katlego Mogale uthe amaphoyisa abenza umzungezo owejwayelekile ku-R24 naku-R21 ngesikhathi ebona imoto esolisayo.

“Ngesikhathi amaphoyisa ezama ukumisa le moto, abebengaphakathi bavulele ngezulu lezandla bebhekise kwabomthetho.

OLUNYE UDABA: Basale enkundleni abasolwa ababili abebedubulana namaphoyisa eMkhomazi

“Amaphoyisa nawo abe esebuyisa izinduku, adubula le moto ngendlela yokuthi ingakwazi ukuqhubeka nokuhamba, ibe isima ku-R21 North, ngaphandle kwesikhumulo sezindiza, ngaphambi kancane komgwaqo ochezukela ku-Atlas Road."

UMogale uthe la madoda amane aboshiwe kwase kutholakala izibhamu ezintathu ezingekho emthethweni.

Uthe ukuboshwa kwalaba kuyingxenye yokuqeda nya ngomkhonyovu wezigebengu ezilandela abantu abasuke bephuma esikhumulweni sezindiza beya emakhaya.

“Sikushayela ihlombe ukuzimisela kwamaphoyisa ekubopheni imigulukudu. Kuseqhulwini ukugwema nokuphenya ubugebengu obenzeka kule ndawo.”

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-18°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...