Kuboshwe abahlanu erenkeni yamabhasi eMpangeni

2017-11-14 09:32

eMpangeni - Kubanjwe izigebengu ezinhlanu ezazikade zifunwa ngamaphoyisa ngoLwesine ebusuku eMpangeni, kubika iZululand Observer.

Lokhu kulandele ukulunywa kwamaphoyisa indlebe ngabasolwa abebeserenkeni yamatekisi besendleneni yokuyokwenza ubugebengu.

Uphiko lokunqandwa kobugebengu eMpangeni lubambisene  nophiko lwe-K9 balusukumele ngokushesha loludaba banikela emabhasini.

OLUNYE UDABA:Libagojele abathathu abebebhekene nelokudlwengula

Abasolwa laba abseminyakeni ephakathi kuka-23 no-27 batholakale bemi eduze kwemoto.

Ngesikhathi beseshwa, amaphoyisa athole isibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.

Kukholakala ukuthi lesi sibhamu sengesephoyisa ngoba yisibhamu sohlobo lwe-9mm pistol Z88 sinenombolo esuliwe kanye nezinhlamvu ezingu-16.

Laba basolwa abassCilwane ngakwesikaMthethwa.

Bagqunywe ezitokisini emaphoyiseni akwaMbonambi kanti isibhamu sabo sizohlolwa ukuze kubonakale uma sike sasetshenziselwa obunye ubugebengu.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...