Kuboshwe abahlanu abadubule babulala abantu eTsakane

2018-04-10 18:03

EGoli - Abasolwa bahlanu bazovela enkantolo kungekudala ngecala lokudubula babulale abantu abathathu kwalimala kabi ababili.

Lokhu kwenzeka elokishini laseTsakane ngoLwesihlanu.

Okhulumela amaphoyisa uSergeant Lerato Mngomezulu ukhiphe isitatimende esithi amadoda amahlanu aseminyakeni ephakathi kuka-20 kuya ku-34 ubudala aboshwe ngoLwesibili.

Laba kulindeleke ukuba bavele phambi kweMantshi yaseTsakane.

Kuthiwa izisulu bezihleli ngaphandle komuzi ngesikhathi kuqhamuka imoto igcwele abantu abavele bavulela ngenhlamvu bebhekise kubona.

OLUNYE UDABA:Kuphenywa isigameko sokweqa kweziboshwa eGoli

Mahlanu amadoda adubulekile kanti ababili bashonele endaweni yesigameko.

"Abathathu baphuthunyiswe esibhedlela nokuyilapho oyedwa efike ashonele khona,"kusho uMngomezulu.

Imbangela yokuhlaselwa kwalaba kayikacaci kahle.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...