Kuboshwe abafundi abangu-6 ngombhikisho e-UCT

2016-10-03 18:02

Cape Town – Abafundi ababhikishayo e-University of Cape Town bathi kunabanye ozakwabo ababoshelwe ngaphakathi kwesakhiwo senyuvesi esigcwele onogada abazimele ngaphandle.

Inyuvesi ikuqinisekisile ukuthi laba fundi abangu-6 baboshwe emva kokuphazamisa ukufunda kanti bekusalindeleke ukuba babekwe amacala.

Amaphoyisa ase-Western Cape athi amacala amayelana nokuphula umyalelo wenkantolo kanti ayikho eminye imininingwane ebisavelile ngokuboshwa kwabo.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe abafundi base-UKZN ngempelasonto

Abafundi bebefuna ukungena kwesinye sezakhiwo zale nyuvesi, i-PD Hahn Building, nalapho behlangabezane nonogada abebegqokise okwamasosha ngaphandle kwalesi sakhiwo.

Laba fundi basole onogada ngokuyalelwa amaphoyisa ukuthi babophe abafundi baphinde babasola (onogada) ngokuthi bavalele abafundi ababoshiwe ngaphakathi ebhilidini. Onogada bazichithile lezi zinsolo bathi bavikela ibhilidi kanye namakhemikhali angaphakathi.

Ngenkathi kusenalesi sixakaxaka kusuke omunye umsindo ngesikhathi kufika amaveni amabili abenamaphoyisa nokuholele ekutheni abafundi basondele kuwona bewahhahhameza. 

UMFANEKISO:

 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...