Kuboshwe abafake isikhangiso bedayisa isigadla esebiwe kuGumtree

2017-10-06 09:31

Vereeniging – Kuboshwe abasolwa ababili ngecala lokuduna imoto nelokubulala ngemuva kokuba befake isikhangiso sokudayisa isigadla seloli kuGumtree, kusho amaphoyisa ngoLwesine.

Abasolwa ababili, abaneminyaka engu-30 nengu-36 ubudala, baboshwe ngoLwesithathu ngemuva kokuba amaphoyisa ehlele ukuhlangana nabasolwa ebebefake isikhangiso.

"Umnikazi wesigadla esadunwa kanye neloli ubezibukela nje kuGumtree ngesikhathi ebona isigadla esifana nse nesakhe. Umnikazi ube esebikela amaphoyisa ahlele ukuhlangana nalabo ebebesidayisa eVereeniging," kusho uCaptain Mavela Masondo.

Kuthiwa iloli ladunwa ngoMeyi nonyaka kanti umnikazi walo watholakala ebulewe e-Ikageng, eNorth West, ngakusasa, kusho uMasondo.

OLUNYE UDABA: Kugwetshwe iphoyisa ngokwamukela intshontsholika-R100

"Amaphoyisa asathungatha iloli,” esho.

UMasondo uthe uphenyo lwabo luveza ukuthi isigadla, esibiza u-R660 000, sathathwa eNorth West.

Abasolwa ngesikhathi beboshwa kushaqwe nemoto yohlobo lweNissan Navara okukholakala ukuthi yasetshenziswa ukwenza ubugebengu.

Abasolwa bazovela enkantolo maduzane.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-28°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Heavy rain. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...