Kuboshwe ababili embhikishweni kagesi eGoli

2017-05-17 14:00

Johannesburg – Amaphoyisa aqaphe isimo eLeratong village eduzane naseKagiso, eWest Rand, ngemuva kokuqubuka kombhikisho wezidingi zomphakathi ngoLwesibili ebusuku.

UConstable Lucky Matome utshele iNews24 ukuthi kuboshwe abasolwa ababili oneminyaka engu-19 noneminyaka engu-25 ubudala ngoLwesithathu ekuseni ngokudala udlame emphakathini.

Amaphoyisa athe esitatimendeni, umbhikisho uqale ngoLwesibili ngezithuba zabo-18:00. Ababhikishi emphakathini waseLeratong village bavale u-Impala Road noMain Reef Road ngamathayi avuthayo namatshe bekhala ngokuhamba kukagesi.

OLUNYE UDABA:Usukapakele kwelinye ilokishi umbhikisho wezindlu eGoli

Umphakathi kuzwakale ukuthi usuhanjelwe wugesi izinsuku ezintathu, kusho uMatome.

Umbhikisho wezidingo zomphakathi uqhubekile ngoLwesithathu ekuseni, kwadaleka isiminyaminya emgwaqeni ku-R41 eduzane naseLeratong; u-Impala Road, uRandfontein Road, uQuellerie Street neminye imigwaqo njengoba amaphoyisa eqaphe imigwaqo.

UMatome ucele abashayeli ukuba basebenzise eminye imizila.

"Sizama ukubuyisela isimo esimeni sao," kusho uMatome.

UMatome uthe okwamanje ayikho imibiko yokucekelwa phansi kwempahla.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kudutshulwe kwabulawa iphoyisa eSoweto

Emizuzwini eyi-39 edlule
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 13-28°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-25°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-25°C a few showers. Afternoon clouds. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...