Kuboshwe ababili betholakala nensangu ka-R1.8m

2017-07-18 07:01

Mpumalanga - Abasolwa ababili abaneminyaka engu-41 nengu-38 ubudala babhekene necala lokushushumbisa insangu.

Ngokusho kwamaphoyisa, abasolwa bavinjwa ngamaphoyisa esesha izimoto.

Ngesikhathi kuseshwa imoto yabo kwatholakala insangu enesisindo sika-108.5kg.

Ngokusho kwamaphoyisa, abasolwa badabuka eVenda kanti bebebuya kwelaseSwazini lapho abayithenge khona le nsangu.

OLUNYE UDABA:Abalimi bacele insangu kungqongqoshe

Laba basolwa babingelele imantshi yaseBarberton lapho ababekwe khona icala lokushushumbisa izidakamizwa.

Batholakale nensangu yenani lika-R1.8 million kanti bathole ibheyili ka-R2 000 umuntu ngamunye ngecala lokushushumbisa insangu.

Icala labo lihlehliselwe mhlazingu-10 ku-Agasti 2017, kubika iThe Citizen.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...