Kuboshwe ababili ababulale ibhubesi ngoshevu

2018-01-01 10:03

Polokwane – Kuboshwe ababili abazingela ngokungemthetho, kanti kusaqhubeka ukuthungathwa kwabanye ababili, ngemuva kokuba bedlise ushevu babulala ibhubesi elimhlophe – elivikelwe ngokukhethekile ngenxa yokuphela kwayo – ngaphandle kwaseMakhado ngeSonto, kusho amaphoyisa aseLimpopo.

"Abasolwa ababili kuthiwa bayathinteka ekubulaweni kwebhubesi elimhlophe…kwesinye seziqiwi endaweni. Ngemuva kokuba befake inyama enoshevu lapho kuhlala khona amabhubesi, elinye lawo liyidlile lafa ujuqu,” kusho uLieutenant Colonel Moatshe Ngoepe esitatimendeni.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele ubaba obulale indodakazi

"Abasolwa balinqume izidladla, ikhanda, baphinde bazama nokuthatha isikhumba salo ngaphambi kokuba babaleke endaweni yesigameko.”

Ngemuva kokubikelwa ngesigameko, amaphoyisa akwazile ukubopha abesilisa ababili kanti asathungatha abanye ababili.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...