Kuboshwe 4 ngokubulawa kwamalungu omndeni eKZN

2017-10-09 07:33

Cape Town – Ekuseni ngeSonto, kuboshwe abasolwa abathathu ngecala lokubulala amalungu amahlanu omndeni ngoLwesine eMarianhill, KwaZulu-Natal.

Lithe selishona ilanga, kwaboshwa umsolwa wesine. Yena utholakale nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu ezingu-11, kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Nqobile Gwala esitatimendeni ngeSonto.

Abasolwa baneminyaka ephakathi kuka-21 no-30 ubudala.

NgoLwesine ngabo-23:00 umndeni wahlaselwa ngabantu abangaziwa abafike bavulela ngenhlamvu kumalungu omndeni amahlanu aneminyaka ephakathi kuka-19 no-34 ubudala endaweni yaseNteke, eMariannhill.

OLUNYE UDABA: Kushone abantu ababili kweyomgwaqo

Amalungu amane omndeni ashonela kweyesehlakalo, owesihlanu washona esanda kufika ne esibhedlela.

Lesi sigameko sokubulawa kwamalungu omndeni eKZN bekungesesibili ezinsukwini ezintathu.

NgoLwesibili ebusuku kwabulawa abantu abangu-8, okubalwa kubona abesifazane ababili asebekhulile kanye nezingane eziyisithupha eMatimatolo.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...