Kuboshwe 4 ngezokudayisela abafundi izidakamizwa eF State

2016-03-16 13:27

Bloemfontein – Kuboshwe amadoda amane asolwa ngokudayise izingane zesikole izidakamizwa eBloemfontein, kusho amaphoyisa aseFree State.

"Imizi eseFreedon Square naseHeidedal yiyo okuthiwa idayisela abafundi izidakamizwa," kusho uConstable Peter Kareli.

OLUNYE UDABA: Izidakamizwa zidayiselwa izingane - Petros

Ngesikhathi amaphoyisa efika emzini oseFreedom Square, afice indoda eneminyak engu-38 ubudala ihlanganisa izijumba zensangu elinganiselwe emalini engu-R30 000 ngentengo yasemgwaqeni.

Komunye umuzi oseHeidedal kutholwe amaphakeshana ohlobo lwesidakamiswa seMethcathinone iKat ezilinganiselwe emalini engu-R500 kuwardrobe.

La madoda amane kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseBloemfontein maduze.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Light rain late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...