Kuboshwe 4, kwashaqwa nezibhamu ehostela eMlazi

2017-09-12 10:59

Durban – Kuboshwe abantu abane kwatholakala nezibhamu ngesikhathi amaphoyisa egasela ehostela laseGlebelands ngempelasonto.

ULieutenant Colonel Thulani Zwane, uthe amaphoyisa agasele ehostela ngeSonto ebusuku.

“Abesilisa abane baboshiwe kwaphinde kwatholakala nezimhlamvu zezinhlonbo ezahlukene.

“Omunye wabasolwa uboshwe ngecala lokubulala nelokuphanga kanti abanye abathathu batholakale nezibhamu kanye nezinhlamvu. Abasolwa bathweswe icala kanti bazovela eNkantolo kaMantshi eMlazi namhlanje [ngoLwesibili],” kusho uZwane.

OLUNYE UDABA: Uzomiswa uthisha obonakala eshaya abafundi kwi-video

Kuzoqhutshwa uphenyo ukuthola ukuthi laba basolwa bayathinteka yini kwamanye amacala angakasombululwa kanjalo nezibhamu zizohlolwa.

Lo msebenzi ushayelwe ihlombe elikhulu nguMajor General Bheki Langa, oyibamba likaKhomishana wamaPhoyisa eKZN.

- Daily News

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...