Kuboshwe 12 wabantu abebetapa ukudla elolini egingqikile

2017-12-21 14:01

Johannesburg - Amaphoyisa abophe inqwaba yabantu ngezinsolo zokuzitapela impahla elolini ebithwele ukudla ngemuva kokuthi igingqikile eMakhado, eLimpopo.

Isigameko senzeke ngoLwesibili ekuseni.

"Amaphoyisa aseMakhado aye endaweeni yesigameko sokushayela budedengu ku-N1 eduzane naseHendrick Verwoers lapho okugungqike khona iloli, kwasakazeka ukudla emgwaqeni," kusho isitatimende samaphoyisa.

OLUNYE UDABA:Buka: Abantu abathathu bezitapela impahla elolini lihamba

"Umshayeli nomgibeli baphuthunyiswe esibhedlela beyolashwa ngemuva kokulimala ngesikhathi kwenzeka ingozi," kusho isitatimende.

Amalungu omphakathi asesigodini esiseduzane kusolwa ukuthi aphuthume endaweni yesigameko afike azitapela ukudla.

Amaphoyisa akwazile ukubopha abantu abangu-12 abaneminyaka ephakathi kwengu-23 nengu-54 ubudala.

Bathweswe icala lokutholakala nempahla eyebiwe.

 - TimesLive

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...