Kubonwa ngokusa kodutshulwe ehlezi emotweni

2016-12-01 11:31

Durban – Kubonwa ngokusa kowesilisa wasePinetown osesibhedlela saseThekwini ngemuva kokuba edutshulwe esifubeni engaphandle kwakubo ngoLwesithathu ekuseni.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Nqobile Gwala uthe owesilisa ubehleli emotweni ngaphandle komuzi ngesikhathi kuqhamuka imoto ebihamba abalisa abathathu.

OLUNYE UDABA: Iphethe ngokuphuma kwesidumbu injabulo yabafundi

"Ababili kubona bebephethe izibhamu base bedubula ngazo isisulu.

"Bekungakaziwa ukuthi ngabe kukhona abasolwa abakuthathile esisulwini. Kuvulwe icala lokuzama ukubulala kanti kuyaphenywa. Abasolwa babaleke ngemoto yohlobo lwePolo.” 

Kwesinye isigameko, kuhlaselwe amaphoyisa amabili engekho emsebenzini eMthwalume.

kuthiwa kuqhamuke amadoda amathathu abafuna izibhamu zomsebenzi, ase edubula uContsable Siyabonga Mbele, 28, washona. Leli elinye iphoyisa lona likwazile ukubaleka lingalimalanga.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-28°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Heavy rain. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...