Kubonwa ngokusa enganeni eshayiswe yimoto

2017-01-20 07:20

Durban – Isesimeni esibucayi ingane eshayiswe yimoto eHillcrest ngoLwesine ntambama, kuqinisekisa abe-ER24.

Umfana oneminyaka eyisithupha ubudala ushayiswe yimoto ku-Old Main Road e-Everton, kusho okhulumela abosizo lokuqala uRussel Meiring esitatimendeni.

"Ngesikhathi abosizo lokuqala be-ER24 befika endaweni yesehlakalo, bathole ingane ilele emgwaqeni ibhekwe amalungu omphakathi. Abosizo lokuqala kuthe uma beyihlola bathola ukuthi ilimele kabi futhi isesimeni esibucayi,” usho kanje.

OLUNYE UDABA: Babanjwe besagqekeza abasolwa eMpangeni

Umfana uthole usizo lokuqala endaweni yesehlakalo, waphuthunyiswa eChief Albert Luthuli Hospital ukuze ezothola ukwelashwa okunzulu.

Umnikazi wemoto yena akalimalanga kulesi sehlakalo.

Iziphathimandla ziyaphenya.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...