Kubhokodwe umuntu ngommese washona esibhedlela

2017-04-21 14:01

Johannesburg – Kugwazwe owesilisa washona esibhedlela esizimele ePitoli, kusho amaphoyisa aseGauteng.

Amaphoyisa athi isisulu besisodwa kwelinye lamagumbi eLouis Pasteur Hospital ngesikhathi ehlaselwa ngumsolwa oneminyaka engu-23 ubudala ngoLwesine ntambama.

Isisulu sigwazwe amanxeba amaningi emzimbeni sabe sesiphelela endaweni yesigameko.

OLUNYE UDABA: Isiguli sibulale esinye esibhedlela e-KZN

Okhulumela amaphoyisa uTumisang Moloto uthe: "Okwamanje, imbangela yalesi sigameko ayaziwa kepha sisaqhuba uphenyo ukuze sithole ukuthi yini eholele ekubulaweni kwalo muntu.”

Uthe umsolwa uzovela enkantolo ngecala lokubulala.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-2015, kwashona isiguli ngemuva kokuthi sishaywe ngesinye ewodini leziguli esibhedlela saseThekwini, i-Addington.



- EWN

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Rain late. More clouds than sun. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 2-23°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 10-24°C High level clouds. Mild. PE: 14-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...