Kube nzima ukuthatha isinqumo sokunikeza uGrace Mugabe ushwele - UMnyango

2017-08-20 19:10

Johannesburg – UMnyngo wezokuXhumana kwamaZwe uthi kube nzima kuNgqongqoshe uMaite Nkoana-Mashabane ukuthi athathe isinqumo sokunikeza uGrace Mugabe ushwele onikezwa izikhulu zamazwe kulandela icala lokushaya.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi uMnyango ukhiphe isitatimende umemezela ukuthi siphumelele isicelo sikashwele sikaMugabe.

"Ungqongqoshe ukhiphe isinqumo sokuthi ushwele kumele ukhishwe kulolu daba. UMnyango uthanda ukucacisa ukuthi lesi akubanga yisinqumo esilula,” kusho uMnyango.

Uthe uNkoana-Mashabane ubheke izinto eziningi ngaphambi kokufinyelela esinqumweni sakhe.

OLUNYE UDABA: Nasi isizathu esenze uGrace Mugabe wahlasela uGabriella

Kulezi zinto azicubungulile kubalwa ukuqinisekisa ukuthi ubudlelwano buhle phakathi kwala mazwe njengoba womabili ekwi-SADC, ikakhulukazi, phakathi kweZimbabwe neNingizimu Afrika.

 Kuphinde kwabhekwa nokuthi lesi sigameko senzeke ngesikhathi iNingizimu Afrika isingethe ingqungquthela ye-SADC.

Unkosikazi kaRobert Mugabe, uGrace, 52, usolwa ngokushaya unobuhle uGabriella Engels, 20, ngeSonto ehhotela eliseGoli, okuhlala kulo amadodana akhe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...