Kube nesiphithiphithi kuhoxiswa icala 'labadla izicubu' zomuntu eMtshezi

2017-10-13 18:00

Durban - Izakhamuzi zibhekane ngqo ngeziqu zamehlo namaphoyisa ngaphandle kwaseNkantolo yase-Escourt izolo ngemuva kokuba kuhoxiswe amacala abhekene nabantu abathathu ecaleni lokudla izicubu zomuntu.

Ngesikhathi ababhikishi abebengaphandle kwenkantolo eKwaZulu-Natal bezwa lezi zindaba, bavele bathukuthela bazama ukungena ngaphakathi enkantolo.

Kulimale abantu ababili ngesikhathi kuqhubeka lesi siphithiphithi, kwaboshwa oyedwa. Izakhamuzi ziphinde zachapha amaphoyisa  ngenhlamba, ziwabiza ngezinja. 

OLUNYE UDABA:Bazogqunywa esitokisini ababhekene 'nelokudla izicubu zomuntu'

Lezi zakhamuzi ziphinde zijikijele amaphoyisa ngodoti. Amaphoyisa aziphindiselela ngezinhlamvu zenjoloba nangosisi olukhalisa unyembezi, izakhamuzi zagcina ngokubaleka.

Inkantolo ihoxise icala lokwakha itulo lokubulala nokubulala kumsolwa wesithathu, 32, umsolwa wesithupha, 28, nomsolwa wesikhombisa, 31, njengoba bebungekho ubufakazi obanele obubayamanisa naleli cala.

IMantshi u-Arti Sookraj ithe yize kunjalo, uma kuvela ubufakazi obusha laba bobathathu bangase baphinde baboshwe.

Imantshi ibe isihlehlisa icala lomsolwa wokuqala, 32, owesibili, 31, owesine, 31, nowesihlanu, 30.

Icala lihlehlselwe umhlaka-27 kwephezulu ukuze bezofaka isicelo sebheyili.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele uthe: "Izakhamuzi zijikijele amaphoyisa ngezinto okubalwa kuzo  namatshe. Amaphoyisa asebenzise usisi olukhalisa unyembezi ukuzihlakaza. Kulimale izakhamuzi ezimbili kulesi sigameko."

UMbhele uthe akuboshwanga muntu futhi alikho icala elivuliwe.



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C More sun than clouds. Mild. Pta: 20-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 18-29°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...