Kubanjwe owesilisa osolwa ngokubulala iphoyisa

2017-10-11 16:00

Vuwani – Amaphoyisa aseLimpopo abambe owesilisa osolwa ngokubulala iphoyisa nokuzama ukubulala elinye kanye nokugebenga onogada. eThohoyandou ngempelasonto.

Lo msolwa oneminyaka engu-32 ubudala uboshwe ngoLwesibili eboshwa wuphiko oluphenya ngobugebengu obuhleliwe futhi utholakale nesibhamu esingekho emthethweni.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Moatshe Ngoepe uthe umsolwa lo uzovela phambi kweMantshi yaseThohoyandou ngoLwesine.

NgeSonto uLieutenant Colonel Phineas Marubini Mamatsiari, osebenzela uphiko lweThohoyandou Vehicle Identification and Safeguarding (VIS) udutshulwe wabulawa ngaphandle komuzi wakhe eVuwani ehlaselwa abasolwa bangaziwa abebefuna ukuduna imoto yombuso abehamba ngayo.

OLUNYE UDABA:Kugwetshwe iphoyisa ngokwamukela intshontsho lika-R100

Ngesikhathi amaphoyisa athungatha abasolwa, kuvele umbiko wokuthi bona laba basolwa bahlasele bagebenga onogada abane abasebenzela imitholampilo iMpheni, Waterval neMbhokota clinics, kanye neBungeni Health Centre, bebathathela izibhamu.

Ngezintatha zangoMsombuluko, yona lemigulukudu ibonakale ngasenyuvesi yaseVenda.

“Amaphoyisa aphuthume kule ndawo abajaha nokulapho kusuke khona uthuthuva kudutshulwana. Kulesi sigameko kudutshulwe iphoyisa elislodwa lalimala kabi,”kusho umbiko.

Leli phoyisa lisesimweni esibucayi esibhedlela kanti igama lalo ngeke lidalulwe njengoba liwufakazi.

Ngawo uMsombuluko, kutholakale imoto eduniwe kanye nesibhamu emahlathini aphakathi kweThohoyandou nePhundamaria.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...