Kubanjwe owesilisa ngelokubulala umngani kubangwa intombi

2017-07-20 12:30

Bloemfontein – Owesilisa ugcine ebanjiwe ngemuva kokubaleka unyaka wonke ngecala lokubulala.

Lo mlisa ubhekene necala lokubulala umngani wakhe kanti kulindeleke ukuba avele eNkantolo kaMantshi eBloemfontein.

Lo msolwa onemunyaka engu-23 ubudala ubanjwe ngoLwesibili endaweni yasePhahameng, eMangaung, ngemuva kokuthi amaphoyiska elunywe indlebe wumphakathi.

OLUNYE UDABA:Ugwaze umngani kubangwa ubhiya eMlazi

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Chaka Marope uthi lo msolwa wabaleka ngoJulayi wangonyaka odlule.

"Umbiko uthi lo msolwa waba nengxabano embi nomngani wakhe bebanga intombi eTaliban Tavern edolobheni laseBloemfontein.

"Ngesikhathi bexabana, umsolwa wakhipha ummese wagwaza umngani wakhe amanxeba ambalwa wamshiya lapho edindilizile," kusho yena.

Umsolwa wanyamalala ngaleso sikhathi njengoba esetholakala manje ngosizo lomphakathi.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...