Kubanjwe othisha bezitika ngocansi esikoleni

2017-11-30 09:32

Johannesburg - Izikole ziyizindawo zokufundela, hhayi okunye.

Kodwa othisha ababili besikole samabanga aphezulu eKaalfontein eduzane naseTembisa, eKurhuleni, bakhethe ukwenza okuphambene.

Labo thisha kusolwa ukuthi babanjwe oqotsheni bezitika ngocansi egumbini okulala kulo abasuke begula (sick room).

Manje abanye othisha bayakhononda ukuthi lokhu kuye kwaba nomthelela omubi kothisha nabafundi.

OLUNYE UDABA:Kubikwa ukuthi kunotokoloshe abazitika ngocansi nothisha

Omunye wothisha abakhathazekile esikoleni iKaalfontein Secondary uthi abantu abaningi bebazi ngodaba lwalabo thisha bobabili kodwa bethula ngoba omunye wabo unguthisha osezingeni eliphezulu esikoleni.

"Babanjwe ngunogada bezitika ngocansi e-sick room sekuphume isikole," kusho lo thisha.

"Leliya gumbi ngalabafundi abasuke begula esikoleni, akusilo elokwenza ucansi.

"Kufanele bahambe beyolwenza kwenye indawo."

Kusolwa ukuthi labo thisha babonwe ngomunye wabafundi benza ucansi.

"Awucabange ukuthi ingane injani lapho ehlezi khona," kusho lo thisha etshela iDaily Sun.

"Umfundi ubone othisha ababili benza ucansi.

"Asikwazi ukuvumela lokhu ukuthi kuqhubeke."

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eGauteng uSteve Mabona, uthe bakhathazekile ngalezi zinsolo.

Uthe kuzothunyelwa iziphathimandla ziyophenya lolu daba esikoleni.

"Lezi izinsolo zibucayi kanti uma kutholakala ukuthi ziliqiniso, umnyango angeke uze ubemanqika ngokuthatha izinyathelo ezifanelekile.

"Sicela bonke othisha bakhohlwe yinoma wuluphi uhlobo lokungaziphathi ngendlela bagxile ekufundiseni," kusho uMabona.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...