Kubanjwe iziboshwa eziqola abantu zingaphakathi ejele

2017-11-20 19:19

Johannesburg – Iziboshwa ezimbili zibanjwe ziqhuba ibhizinisi lobugebengu zingaphakathi ejele lase-Odi Correctional Centre ePretoria.

ULieutenant Colonel Katlego Mogale uthi ithimba likazwelonke eliphenya amacala enkohlakalo laqala uphenyo lwalo ngoJulayi kulo nyaka ngemuva kokuthola izikhalazo ngamaqola abefonela eziteshini ezahlukahlukene zamaphoyisa bezenza os'gaxamabhande.

Umogale uthi uLucas Masemola, 44, waseSoshanguve kanye noTebogo Makena, 24, waseMamelodi West, bebefonela eziteshini ezahlukahlukene befuna ulwazi ngezigameko zokwebiwa kwezimoto kanye nokudunwa kwazo.

"Bebesuka lapho befonela izisulu bezitshela ukuthi izimoto zabo zitholakele kodwa kunemali okumele bayifake ngohlelo lwe-eWallet ukuze bazothola izimoto zabo," kusho uMogale.

OLUNYE UDABA:Zivuke umbhejezana iziboshwa zinikwa i-mash ejele

Uthi laba badonsa iminyaka eyisikhombisa ngamacala okuduna izimoto nokutholakala nempahla eyebiwe, bebefonele izihlobo zabantu ababoshiwe bethi bafuna imali ukuze bakhishwe ejele.

Kuthiwa laba bebeqola abantu abaseGauteng, Mpumalanga, KwaZulu-Natal naseNorthern Cape.

Laba babanjwe benomakhalekhukhwini ngesikhathi beboshwa. Bazovela enkantolo yesifunda eKempton Park ngamacala okuqola, ukukhwabanisa, ukweba, ukuphula umthetho kanye nokuzenza amaphoyisa.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 14-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-22°C Showers early. More clouds than sun. Mild. PE: 12-20°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...