Kubanjwe isihlobo sizama ukudayisa umfana oyi-albino

2016-07-13 19:01

Durban – Umama womfana oneminyaka engu-12 oyi-albino usathukile uma ecabanga ngobuhlungu obucishe behlela umndeni wakhe njengoba bekazama ukudayisa ingane yakhe.

Ngokwemibiko ye-Daily News, umama walo mfana namanje akaqondisisi ukuthi yini eyenze uMpumi Mabika, 28 oyisihlobo sakubo azame ukudayisa indodana yakhe esangomeni.

OLUNYE UDABA:Sezisaba ngisho ukuya esikoleni izingane ezingama-albino

USlilindile Mabika ongumama wengane uthi usashaqekile ngalokho okwenziwa isihlobo sakhe. Kuthiwa isangoma uJames Mthembu ushayele amaphoyisa ngesikhathi umsolwa uMpumi ezama ukumdayisela le ngane.

Lo mfanyana uManeliswa Ntombela wathunjwa ephandle komuzi lapho ahlala khona nomama wakhe kanye nomamncane wakhe.

“Udadewethu ubezama ukubeletha umfana wakhe omncane kanti uManeliswa nomzala wakhe bephandle, uthe eseqalaza uManeliswa akasekho kanti umzala wakhe uthe kufike umalume abangamazi wamthatha,”kusho umama wakhe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kudutshulwe kwabulawa iphoyisa eSoweto

Emizuzwini eyi-38 edlule
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 13-28°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-25°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-25°C a few showers. Afternoon clouds. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...