Kubanjwe inkunzi izivakashi zikhonjwe ngesibhamu

2017-10-13 10:57

Johannesburg – Izivakashi eziyisikhombisa zibanjwe inkunzi zikhonjwe ngezibhamu yiqeqebana labesilisa abangaziwa kuCorlette Drive eGoli.

Kukholakala ukuthi izisulu bezihamba ngemoto zisuka e-OR Tambo International Airport ngesikhathi zibanjwa inkunzi ngoLwesine ebusuku.

Esinye sezivakashi sithole ukulimala kulesi sigameko.

OLUNYE UDABA: Uvalo kubulawa obephuma emcimbini eMpendle

Amaphoyisa athi izigebengu zibaleke nezinto ezahlukene, okubalwa kuzona nemali kanye nobucwebe.

Okhulumela amaphoyisa uVish Naidoo uthi izisulu ngeke kwadalulwa okwamanje ukuthi ziphuma kuliphi izwe.

- EWN

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...