Kubanjwe inkunzi esinye isitolo samaselula eThekwini

2017-06-01 14:06

Durban – Kuphenywa icala lokuphanga ngemuva kokuba kuphangwe esinye isitolo samaselula eThekwini ngoLwesithathu ebusuku, kusho amaphoyisa ngoLwesine.

Lesi sitolo esingaphandle kwanxanxathela yezitolo iBerea sibanjwe inkunzi ngamadoda amane angaziwa ngezithuba zabo-21:30, kusho uLieutenant Colonel Thulani Zwane.

La madoda ahlanganyele unogada obesebenza ngaleso sikhathi amshaya ngensimbi.

OLUNYE UDABA:Kubanjwa inkunzi isitolo sakwaShoprite eKapa

Abasolwa bayalele lo nogada ukuthi avule umnyango wesitolo. Ngesikhathi ebona ukuthi umnyango awuvuleki, babe sebephihliza umnyango ngesando, kusho uZwane.

"Kuvulwe icala lokuphanga esiteshini samaphoyisa aseMbilo ukuze kuzophenywa," kuqhuba uZwane.

Lezi zigebengu zigcine zikwazile ukweba amaselula abesesitolo zase zibaleka ngemoto eluhlaza sasibhakabhaka umbala, ebipake kuBerea Road, kusho okhulumela inkampani yonogada iBlue Security, u-Andreas Mathios.

Sekunenqwaba yezitolo zaKwaZulu-Natal esezibanjwe inkunzi ngenyanga edlule, kubalwa eziseMhlanga naseWestville.

Ngomhlaka-17 Meyi, kwavela i-video yezimoto zohlobo oluphambili okusolwa ukuthi yizo okwakubalekwa ngazo ngemuva kokuba kubanjwe isitolo samaselula esiseMhlanga, isabalale ezinkundleni zokuxhumana.

Le video yasabalala ngemuva kwesikhashana amadoda ayehlomile ebambe inkunzi isitolo sakwaVodacom esikuZenith Drive, ase ebaleka ngemoto yohlobo lweMercedes Benz ne-Audi emhlophe.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-28°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Heavy rain. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...