Kubanjwe 5 wezigebengu zibala imali eFree State

2016-05-16 07:45

Bloemfontein – Akhalelwe ngamasongo kaSigonyela amadoda amahlanu aseWelkom ngokuphanga, kusho amaphoyisa aseFree State ngeSonto.

Amaphoyisa ngoMgqibelo ancinzwa indlebe mayelana nezinhlelo zokugqekezwa kwethaveni okuholele emzini oseDagbreek eWelkom lapho afice khona amadoda amahlanu ematasa ebala imali, kusho isikhulumi uMolebogeng Lechesa.

OLUNYE UDABA: Kutholakale impahla eyebiwe esitolo sabokufika

"Amaphoyisa aseshe indlu athola izisefo ezimbili ezigqekeziwe, i-alarm nekhompuyutha, uphenyo luveze ukuthi le mpahla yebiwa ngesikhathi kuphangwa esitolo sezinto zokugcoba emzimbeni," usho njalo.

Kushaqwe izimoto ezimbili eyohlobo lwe-BMW X3 emhlophe neToyota Hilux emaroon.

Kuvulwe amacala amabili elikuphanga nokutholakala nempahla eyebiwe.

La madoda azovela eNkantolo yeMantshi yaseWelkom maduze.

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 7-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Cool. Bloem: -1-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-20°C Morning clouds. Cool. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...