Kubaleke iziguli kubokala inyoka esibhedlela

2018-01-12 18:07

Johannesburg - Kusale komile endaweni okwamukelwa abantu abagulayo esibhedlela ingemuva kokuba kubonakale inyoka.

Lokhu kwenzeke ngoLwesihlanu (namuhla) ekuseni esibhedlela iDora Nginza esisePort Elizabeth.

Le nyoka ibanjwe ngomunye womabhalane bakulesi sibhedlela.

Ungoti wezinyoka uMark Marshall, uthe uthole ucingo olumayelana nokubonakala kwenyoka esidale isiphiphithi esibhedlela ngezithuba zabo-09:00.

OLUNYE UDABA:Kuzoba yihlobo elimatasa - Ongoti bezinyoka

Uthe ngesikhathi efika inyoka ibisivele ibanjiwe yafakwa ebhakedeni.

"Ubude bale nyoka yohlobo lwe-Brown House bungama-60cm," kusho uMarshall.

"Le nyoka ayisiyo ingozi. Zijwayelekile kule ndawo ngakho bekungathusi ukuyithola khona."

 - TimesLive

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...