Kumiswe ukusebenza kwamatekisi eLadysmith

2017-12-06 18:00

Durban - UNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal, uMxolisi Kaunda, umemezele ukuthi kuyamiswa ukusebenza kwamatekisi eLadysmith, Kwa-Zulu Natal.

Ngeledlule, uNgqongqoshe ubenomhlangano nabezokuphepha eLadysmith ukubhekana nodlame lwamatekisi endaweni.

UKaunda uthe isinqumo sokumisa ukusebenza kwamatekisi sithathwe ngemuva kwemihlangano eminingi yokuzama ukuxazulula isimo.

Phambilini, uKaunda ubememezele ukuthi isinqumo sokumiswa kwamatekisi eLadysmith sidalwe ukulwa okukhona phakathi kososeshini ababaili - iSizwe Taxi Association neCape River Taxi Association - okuchaphazele nabagibeli.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa owesilisa enkabeni yedolobha e-PMB

Ukusebenza kwamatekisi kuzomiswa izinyanga eziyisithupha, kusukela kusasa ngoLwesine.

Ukaunda uxwayise ngokuthi abamatekisi okuyotholakala ukuthi bayathinteka odlameni, bayophucwa amalayisensi okusebenza.

Lesi sinqumo silandela ukushona kwabantu abangu-11 odlameni lwabamatekisi ngenyanga eyedlule.

Kulesi sigameko kwashona uMuzikayifani Ngobese, 68, oyisekela likasihlalo kasoseshini wamatekisi aseKlipriver nendodakazi yakhe eneminyaka engu-38 ubudala, uNozipho Ngobese.

Bahlaselwa ngoshayasibhamu ababebacuthele emahlathini entabeni kuMatiwaneskop Road bavulela ngenhlamvu bebhekise evenini yohlobo lweNissan eyayihamba lesi sikhulu kanye nabantu abane.

Kubikwa ukuthi babalelwa ngaphezu kuka-60 abantu asebebulewe ezigamekweni ezihlobene nodlame lwamatekisi kusukela ngo-2014 kuleya ndawo.

- Business Report Online

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...