Izothola ukuxilongwa esibhedlela inkakha ye-Ladysmith Black Mambazo

2016-12-05 18:00

Ladysmith - Izothola ukuxilongwa okunzulu esibhedlela Inkosi Albert Luthuli ingqalabutho yomculo wesicathamiya uDkt Joseph Shabalala, weqembu iLadysmith Black Mambazo.

Lokhu kuvezwe uNgqongqoshe wezeMpilo esifundazweni saKwaZulu-Natal uDkt Sibongiseni Dhlomo, ngesikhathi ehambele emzini wale nqalabutho eMnambithi.

OLUNYE UDABA:Inkakha yomlingisi igxeka iGenerations

Iziphathimandla zezempilo esifundeni sasoThukela  zizosebenza ngokubambisana noNkk Shabalala ukubheka amafayela aqukethe umlando wezempilo kaDkt Shabalala, ukuze bazokwazi ukumtholela usizo lwezempilo aludingayo bewuhulumeni wesifundazwe.

UDkt Dhlomo uveze ukuthi ukuvakasha kwakhe emzini walengqalabutho yomculo wesicathamiya, kuza ngemuva kokuthunywa nguNdunankulu wesifundazwe uMnuz Willies Mchunu, ukuba azobheka impilo kaDkt Shabalala ngeso lakhe lobudokotela njengoba ahlinzwa emgogodleni esikhathini esiphambili.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...