Izodedelwa indoda eyagwetshwelwa ukubulala intombi

2017-12-07 07:09

Johannesburg – Ukungaphathwa ngendlela kwecala kuholele ekukhishweni kowesilisa obelahlwe elokubulala intombi, lesi sinqumo sithathwe yinkantolo yoMthethosisekelo.

Le nkantolo inqume ukuthi akakhishwe uKlaas Lesetja Phakane ngemuva kokuthola ukuthi umbuso walahla ubufakazi obubalulekile kanye namarekhodi aleli cala.

UPhakane wagwetshwa ngo-2006 ngecala lokubulala intombi yakhe uMatilda Chuence Boshomane.

Ngesikhathi kukhihswa isigwebo, kwabonakala ukuthi usuku lokushona kukaBoshomane kalaziwa.

Isidumbu sakhe satholakala esikhotheni kanti kuthiwa wayegcine ukubonakala phakathi kukamhlaka 19 noma 20 Agasti 2006.

OLUNYE UDABA:Usededelwe owagwetshwa udilikajele engenacala, ngemuva kweminyaka esejele

Kubuye kwavela ukuthi uMartha Manamela, owayeyintombi entsha kaPhakane wanikeza amaphoyisa isitatimende sakhe ngomhlaka 2 Septhemba ethi wayevakashele uPhakane ngomhlaka 20 Agasti.

Uthi isoka lavuma ukuthi lalwa nomufi futhi wamshaya ngebhande wamshiya esikhotheni.

Uthi isoka lamtshela ukuthi ngesikhathi liya endlini kamufi ngosuku olulandelayo akazange amthole futhi wayengekho nasesikhotheni lapho abemshiye khona.

UPhakane waboshwa kanjalo wabekwa icala lokushaya nokubulala intombi yakhe yize awaphika womabili lawa macala.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...