Izobanjwa ngoLwesithathu eyesikhumbuzo sika-Ontlametse Phalatse

2017-04-18 12:32

Johannesburg - Inkonzo yesikhumbuzo sika-Ontlametse Phalatse izobanjelwa eHerbon village, enyakatho yePitoli ngoLwesithathu.

UPhalatse, 18, udlule emhlabeni ngesonto eledlule kunguLwesibili ngemuva kokuphathwa yisifo i-Progeria okuyisifo esidala ukuthi umuntu aguge ngokushesha.

Le ntokazi bekuyiyo kuphela ensundu ebiphila nalesi sifo eyaziwayo emhlabeni wonke jikelele.

UPhalatse wayemenywe njengesikhulumi emcimbini okwakugujwa kulo usuku lokuzalwa lukaMengameli Jacob Zuma, ehlanganisa iminyaka engu-75 ubudala, nolwafika engasekho emhlabeni.

OLUNYE UDABA: BUKA: Sikhumbula u-Ontlametse Phalatse

USihlalo we-Ontlametse Phalatse Trust, uDkt Babalwa Ka-Mabhoza uthe le ntombazane ichazwe njengesimangaliso njengoba bekungafanele aphile idlule eminyakeni engu-14 ubudala, kodwa yona yaphila yaze yaba neminyaka engu-18 ubudala.

Iningi lezingane eziphila ne-Progeria azifiki eminyakeni engu-13 ubudala ziphila. Lesi sifo siphatha zonke izinhlanga, noma yibuphi ubulili ngokulingana.

Okhulumela umndeni uTebogo Mothoa uthe uPhalatse uzokhunjulwa njengomuntu obenesibindi futhi obenethemba.

 - SABC

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild. Pta: 4-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...