Izivakashi zigetshengwe zisuka esikhumulweni sezindiza eGoli

2017-09-26 16:02

Johannesburg – Amaphoyisa asekuqinisekisile ukugetshengwa kwezivakashi ezingu-36 eziphu,a pheshey kwezilwandle, eNetherlands, ngeSonto.

Kuthiwa lezi zivakashi zigetshengwe yizigebengu ebezigqokise okwamaphoyisa ezizilandele zisuka esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo.

Umthombo wephephandaba i-The Star uthi lezi zivakashi bezilibangise eMagaliesburg, entshonalanga nesifundazwe iGauteng.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Vishnu Naidoo, uthe lezi zivakashi bezihamba ngebhasi zisuka esikhumulweni sezindiza zilibangise ehhotela lapho ebezizozinza khona njengoba ziseholidini.

OLUNYE UDABA:Amahhotela aqopha izivakashi zenza ucansi

“Leli bhasi ebeliphethe izivakashi livinjwe ngowesilisa obegqokise okwamaphoyisa. Ngesikhathi lima kuqhamuke iqulu lemigulukudu lagebenga lezi zivakashi konke ebezikuphethe,” kusho uNaidoo.

UNaidoo uqhubeke wathi ngeke akwazi ukuphawula ngesimo salezi zivakashi kodwa akuzange kubikwe ngokulimala.

Uqhubeke wathi kuzosungulwa ithimba labaseshi asebemnkantshubomvu abazophenyisisa ngalesi sigameko.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...