Izitshudeni zisabisa ngokuvala i-University of Pretoria

2017-01-25 14:30

Johannesburg - ISouth African Union of Students i-SAUS isabise ngokuvala i-University of Pretoria uma inqaba ukubhalisa izitshudeni ebezivele zifunda khona, ezaziyingxenye yombhikisho i-#FEESMUSTFALL ngonyaka ophelile.

USthembiso Ndlovu onguNobhala Jikelele we-SAUS, uthe baphatheke kabi ngoba i-UP ifuna izitshudeni zibhale izincwadi ezichaza kabanzi ngokuthi kungani kufanele ziphinde zamukelwe kule nyuvesi.

Uthe njengamanje ayikho imibhikisho e-UP kanti ababhikishi be-#FEESMUSTFALL basathule okwamanje njengoba bengazange baphumelele embhikishweni wabo.

OLUNYE UDABA: Abe-#FeesMustFall bayaziqhelelanisa nokushiswa kwenyuvesi

"Sizoyivala i-University of Pretoria uma bengazamukeli izitshudeni ukuthi ziqhubeka nemfundo yazo. Sizitshelile izitshudeni ukuthi zingazibhali lezo zincwadi ngoba akuqinisekisiwe ukuthi zizokwamukelwa," kusho UNdlovu.

Okhulumela inyuvesi uCandice Jooste uthe: "Inyuvesi ithumelele izincwadi izitshudeni ezibekwe amacala kulandela imibhikisho eyayinodlame ngonyaka odlule.

"Sicele ukuthi lezi zitshudeni zisinike izizathu zokuthi kungani izicelo zazo zibhekwe nokuthi yini ezizoyenza ukugwema izigameko ezifana nezangonyaka ophelile kulo nyaka," usho njalo ngesikhathi ebuzwa ngale ncwadi okufanele ibhalwe yilezi zitshudeni. 

 - Drum

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...