Izitolo zizoyikhipha yonke imikhiqizo eyamaniswa ne-listeriosis

2018-03-05 09:30

eGoli - ITiger Brands nokuyinkampani ekhiqiza i-Enterprise Foods, isiphendulile isicelo sokubuyiselwa emuva konke ukudla okufika sekulungele ukudliwa yasho nokuthi izohambisana nemiyalo kahulumeni.

Lokhu kulandela isimemezelo esenziwe wuNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Aaron Motsoaledi ngeSonto lapho eveze ukuthi igatsha lale nkampani elisePolokwane yilona eliwumsuka wesifo i-listeriosis.

Amanye amagatsha ale nkampani aseGermiston kanye ne-Rainbow Chicken eSasolburg nazo kuthiwa ziyathinteka ekukhiqizeni upolony onalesi sifo.

Balinganiselwa ku-180 abantu asebabulawa yilesi sifo esitholakala ekudleni kusukela ngo-Januwari wangonyaka odlule.

UNgqongqoshe wezeMpilo ekhuluma ohlelweni lakwa-SABC uthi baqala ukuzwa ngokuqubuka kwalesi sifo ngesikhathi izingane ezingu-9 ezifunda enkulisa yaseSoweto zigula zibonisa izimpawu zokungaphathike kahle ezifanayo.

OLUNYE UDABA:Isifo iListeriosis sesibulale abantu abangu-172 kuleli - NICD

Lezi zingane zaziphalaza futhi zinesifo sohudo, zathunyelwa esibhedlela iChris Hani Baragwanathnokuyilapho kwaqinisekiswa khona ukuthi ziguliswe wukudla upolony onalesi sifo.

"Ngesikhathi kwenziwa uphenyo nocwaningo ngalo polony owadliwa yizingane kutholakale ukuthi wakhiqizwa ePolokwane,"kusho yena.

Izitolo zakwaWoolworths nakwa-Pick n Pay seziveze ukuthi zizoyibuyisela emuva yonke imikhiqizo eyenziwe yile nkampani

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Scattered tstorms late. More sun than clouds. Cool. PE: 10-20°C Sprinkles early. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...