IZITHOMBE: Ushonele esibhedlela ovelelwe yingozi kuqhubeka isiteleka samatekisi e-KZN

2017-05-31 16:01

Durban – Ugcine ngokushonela esibhedlela owesilisa oneminyaka engu-30 ubudala, okudingeke ukuthi aphuthunyiswe ngendiza enophephela emhlane esibhedlela kulandela ukulimala.

Le ndoda ivelelwe yingozi ihamba ku-N2 ngoLwesithathu ekuseni, ngakuJoyner Road ngesikhathi ishayisa iloli ebimile.

Ngokombiko weDaily News, abezimo eziphuthumayo bakuthole kunzima ukufinyelela endaweni yesigameko njengoba bekuqhubeka isiteleka samatekisi eThekwini, amatekisi evale imigwaqo emikhulu kuleli dolobha.

Okhulumela iNetcare911 uChris Botha, uthe le loli ibimile kulo thelawayela ngemuva kokubona ababhikishi begcwele umgwaqo, izama ukuvika bona.

Iloli yesibili kuthiwa ibe isingena mahlanze le yokuqala, neveni yalo wesilisa yayoshayisa yona ngemuva.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane, uthe baphenya icala lokubulala ngokungenhloso.

Abanikazi bamatekisi eThekwini namaphethelo bavale imigwaqo ematasa yaseThekwini ngaphambi kwemashi yabo elibhekise kwa-Toyota eProspection, ngoLwesithathu.

Ngokwemibiko kanye nencwadi elokhu isabalaliswa enkundleni yezokuxhumana, iSouth African Taxi Association ithathe isinqumo sokungenela umbhikisho ngoba ikhala ngamanani aphezulu amatekisi eToyota Quantum kusukela aqala ukufika kuleli eminyakeni eyishumi eyedlule.

Bathi ngesikhathi efika la matekisi kuleli, ayebiza u-R220 000 ekubeni ayakhiwa ngaphandle – kodwa manje asebiza u-R450 000 ngaphambi kwenzalo nakuba esekhiqizwa kuleli, nokwenza le mboni ibone sengathi kudlalwa ngayo.

IZITHOMBE:       

                    

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...