IZITHOMBE: Uphume ngesamagundane owaseThekwini ovuke kunenyoka endlini

2017-05-09 19:28

Durban -  Uphume ngesamagundane endlini yakhe owesifazane waseThekwini obevakashelwe yinyoka yohlobo lweBlack Mamba emzini wakhe.

UNick Evans wenhlangano i-Amphibian and Reptile Conservation KwaZulu-Natal utshele abezindaba iNetwerk24 ukuthi ubizelwe emzini oseWestville ngoMgqibelo ngemuva kokuba owesifazane evuke ekuseni wabona inyoka ilungiza eceleni kombhede wakhe.

"Bengicabanga ukuthi inyoka nje encane ngoba ngokujwayelekile ngibizelwa izinyoka zalolu hlobo," kusho u-Evans.

OLUNYE UDABA: Uzame ukugaya inyoka ngomshini wokuwasha

"Kodwa ngesikhathi lo wesifazane esechaza ukuthi lolu holokoqo lungamamitha aphakathi kwamathathu namane ubude, ngivele ngabona ukuthi nakanjani yiBlack Mamba."

U-Evans uxwayise izakhamuzi zaseWestville ukuthi asikho isidingo sokuba zithuke.

"Akujwayelekile ukuthi lolu hlobo lwenyoka lubonakale ngaphakathi endlini. Lolu hlobo lwenyoka luyabasaba abantu," esho.

U-Evans uyithole le nyoka isisekhabetheni, wayibamba kahle ukuze ingeke igadle, imhlasele. 

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-28°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-25°C Drizzle. Morning clouds. Warm. Bloem: 10-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Rain showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 15-22°C Scattered showers. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...