IZITHOMBE: Umdlali nezingane ezingamawele kanye nentombi ‘ekhulelwe’ futhi

2017-06-30 09:31

Cape Town – Umdlali oyintandokazi wasePortugal, uCristiano Ronaldo, usekuqinisekisile ukuthi ubusiswe ngezingane ezimbili ezingamawele.

Lo mdlali oneminyaka engu-32 ubudala uqinisekise ukuthi wamukele ingane yomfana kanye neyentombazane nezizalwe ngohlelo lwe-surrogate ku-Instagram ngoLwesine. Kulolu hlelo kukhishwa iqanda kowesifazane ozoba ngumama wengane bese kuhlanganiswa nesidoda kowesilisa ozoba ngubaba wengane maqede kufakwe kowesifazane okunguyena ozothwala (ozokhulelwa) ingane.

Ngezansi kwesithombe sakhe egone lezii zingane zakhe ezisanda kuzalwa, uRonaldo ubhale ukuthi: “Ngijabule kakhulu ukuthi ngikwazi ukubamba izithandwa zami ezimbili ezintsha zempilo yami.”

OLUNYE UDABA: Umdlali wodumo ushiye iqembu kuzalwa izingane zakhe ezingamawele

Ngokwemibiko ehlukene yabezindaba, lamawele aqanjwe ngo-Eva kanye noMateo kanti abekhulelwe ngowesifazane ohlala eMelika.

Lesi sethenjwa somdlali weReal Madrid sivele sinendodana eneminyaka eyisikhombisa ubudala neqanjwe ngegama lakhe, uCristiano Ronaldo Jr, nayo eyazalwa ngalo lolu hlelo lwe-surrogate.

Kwenzeka lokhu nje kuvele kunemibiko yokuthi intombi yalesi sihlabani somdlali esineminyaka engu-32 ubudala, uGeorgina Rogriguez, nayo ivele isinezinyanga ezinhlanu ikhulelwe ingane yentombazane.

Amahlebezi okuzithwala kwale ntokazi asabalala ngemuva kwe-post eyayifakwe ku-Instagram neyadluliswa (shared) uRonaldo nalapho ebonakala ephulula isisu sentombi.

Zibonele izithombe zalo mdlali wodumo nomndeni wakhe ngezansi: 

So happy to be able to hold the two new loves of my life ???

A post shared by Cristiano Ronaldo (@cristiano) on

?????

A post shared by Cristiano Ronaldo (@cristiano) on

???

A post shared by Cristiano Ronaldo (@cristiano) on

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...