IZITHOMBE: Ubuhle iziboshwa ziveza amakhono azo ezobuciko

2017-08-03 16:01

Durban - Iziboshwa zihlanganyele ejele laseNew Prison kumncintiswano wamakhono ahlukahlukene obuhlelwe uMnyango wokuHlunyeleliswa kweziMilo.

Lapha bekuqhudelana iziboshwa ezibuya emajele amahlanu, okubalwa kuwo i-Medium A (New Prison), iMedium B, iSevontein, iNew Hanover kanye  neXobho.

Inhloso yalo mncintiswano ngukukhuthaza iziboshwa, wukugqugquzela iziboshwa, ukuba zikwazi ukusebenza ngokubambisana futhi zishintshe nendlela eziziphatha ngayo ngokuqhakambisa amakhono azo.

OLUNYE UDABA:Kushaqwe imali, izikhali nezidakamizwa kuseshwa iziboshwa ejele

ISekela likaMqondisi wezeMpilo emajele aseMgungundlovu uNtokozo Nkabini uthe abantu bayaguquka uma basemajele kuvele izinto ezinhle ngabo.

Lo mncintiswano ubuhlukene ngokwezigaba ezintathu. Abadle umhlanganiso kwisicathamiya kube yi-Happy boys okuyiqembu laseMedium A, emculweni wokholo kube yi-One Vision yase-Medium A kanti kowendlamu kuphumele amaqembu amabili aseSevontein okungaMabhoza oshemeni kanye neZinyembezi zamadoda, kubika iKZN Eyethu.

NAZI IZITHOMBE:

                                           Izithombe: iKZN eYethu

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...