IZITHOMBE: Sishiye kukubi isishingishane esihlasele eNewcastle ngoMsombuluko
2017-12-12 08:02
eThekwini - Isishingishane esihambisana nemvula enamandla sidale
umonakalo ezindaweni esiningi elokishini lasoSizweni, eNewcastle.
Izakhamuzi zakule ndawo zibabaze umhlola ngokuthi azikaze
ziwabone amafu eguqubala ngaleya ndlela.
“Ngithuke kabi ngalokhu engikubonile, lawa mafu bewamabi
kakhulu nokube yinkomba yokuthi kukhulu okuzayo,”kusho uThemba Msimango
oyisakhamuzi sasoSizweni.
LUNYE UDABA: Sebengu-22 abashone kuhlasela isishingishane
UMsimango uthi kuphuke amawindi emzini wakhe ngenxa yalesi
sishingishane, kanti akusiyena yedwa okhalayo ngoba abantu abaningi bakhala ngakho
ukuphuka kwamawindi nokungenelwa ngamanzi endlini.
Imvula yaqala ezinsukwini ezimbalwa ezedlule, abantu bebenethemba lokuthi lizophenya kodwa, laqinisa kakhulu. Kwezinye izindawo abantu balale ngobumnyama njengoba kuvele kwacima ugesi.
Nazi izithombe:
- News24