IZITHOMBE: Sisale enkundleni isigelekeqe kududulwana ngenhlamvu

2017-07-13 18:00

Limpopo –Abasolwa abayisikhombisa abasolwa ngokubamba imoto yemali kwisigameko esikhiphe isidumbu bavele phambi kweMantshi yaseLebowakgomo ngoLwesine.

NgoLwesibili emini kushaywe imoto ye-G4S isuka eLebowakgomo inamabhokisi amathathu emali, kusho uKaputeni Mamphaswa Seabi.

"Izigebengu zifike sezingqongqoza lemoto ngenhlamvu zathatha i-trolly ebiphethe imali. Abantu ababone lokhu yibona ababize amaphoyisa.

"Amaphoyisa afike abasolwa sebecela indlela babavima ku-R579 lapho kududulwene khona ngenhlamvu."

Abasolwa bebehamba ne-BMW etshontshwe ePitoli, i-Kia ebomvu, iFord Ranger kanye neVW Polo ebomvu.

OLUNYE UDABA:Kuthungathwa abasolwa kulandela ukudutshulwa kwephoyisa eMamelodi

"Amaphoyisa abambe abasolwa abayisikhombisa nemali eyebiwe, kanye nezibhamu. Kushone umsolwa oyedwa kulesi sigameko.and red VW Polo."

Kukholakala ukuthi bebeyishumi abasolwa abebenza lobu bugebengu kanti amaphoyisa asathungatha abasolwa ababili.

Abasolwa ababanjiwe baseminyakeni ephakathi kuka-27 kuya ku-52 kanti babhekene namacala okugebenga behlomile, ukutholakala nezimoto ezebiwe kanye nezikhali ezingekho emthethweni.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 14-18°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...