IZITHOMBE: Sekujutshwe namasosha ukuba azocima umlilo

2017-06-08 09:32

Cape Town – Balinganiselwa kwabangu-10 000 abantu asebekhishwe emakhaya abo endaweni yaseKnysna ngenxa yomlilo wequbula kule ndawo.

Abantu abakhishwe ezindlini abasezindaweni ezahlulekene okubalwa kuzona iBrenton, iBelvedere, i-Eastford, iGreen Pastures kanye neKnysna Heights. 

Bathathu abantu okubikwe ukuthi bashonile ngenxa yomlilo kuzekube manje.

OLUNYE UDABA: Kulimale izikole eziningi ngenxa yesiphepho eKapa

Izikhulu ziwachaze njengomkhulukazi umlilo oqubuke eKnysna kweseke yabonakala kule ndawo eminyakeni yakamuva.

NgoLwesine ekuseni kwengezwe amasosha e-SANDF eKnysna, ngaseGarden Route, ukuba alekelele emizamweni yokucima umlilo.

Izindiza ezinophephela emhlane azikwazi ukuzolekelela ngenxa yentuthu eyenza kungabonakali.

Imimoya enamandla iyona ebhebhethekisa kakhulu umlilo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 20-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 17-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 18-29°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 19-32°C Scattered showers. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 20-31°C Afternoon clouds. Warm. PE: 21-27°C More clouds than sun. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...