IZITHOMBE: Owakuleli uhlonishwe ngobuciko bakhe eMelika

2017-09-20 12:31

Durban - U-Esther Mahlangu  uhlonishwe ngomsebenzi wakhe oncomekayo wamaciko ezweni iMelika, kubika iHuffington Post.

UMahlangu udume kakhulu ngobuciko bokuhlobisa ngemibala egqamile yakwaNdebele.

AmaMelikana athathe ithuba lokuhlonipha le ntokazi ngamakhono ayo.

OLUNYE UDABA:UJohn Legend no-Esther Mahlangu bahlanganyele ibhodlela likagologo

Le ntokazi ihlonishwe ngokupendwa okwenziwe wumdwebi u-Imani Shanklin Roberts. Kupendwe imizila emibili uCrossing Franklin Street no-West Broadway ngasesiteshini samabhayisikili.

Le migwaqo ihlotshiswe ngemibala yakwaNdebele nokuyisenzo sokuhlonipha uMahlangu ngale midwebo adume ngayo umhlaba wonke.

Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule uMahlangu ubesanda kuhlonishwa abakhiqizi bezimoto bakwa-BMW ngokuthatha ubuciko bakhe busetshenziswe ezimotweni zabo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...