IZITHOMBE: Kuvalwe umgwaqo kulandela ingozi enyantisayo ngaseDube Village

2017-11-22 14:00

eThekwini - Idlule nomphefumulo ingozi eyenzeke ekuseni ngoLwesithathu ngasenxanxatheleni yezitolo iDube Village, eNanda, enyakatho yeTheku.

Le ngozi ebandakanya itekisi kanye nojibha yenzeke ekuseni kwaphoqeleka ukuba amaphoyisa omgwaqo awuvale isikhashana ukuze kutakulwe bonke ababandakanyeke kule ngozi.

Ngokwemibiko yabezimo eziphuthumayo, kushone umshayeli kajibha oshonele endaweni yesigameko, kanti umshayeli wetekisi yena ubesesimweni esibucayi kangangokuba uphuthunyiswe esibhedlela ngendiza enophephela emhlane.

OLUNYE UDABA: Ingozi yebhasi enyantisa igazi emgwaqeni omkhulu

Kwesinye isigameko, owesilisa ushonile ngemuva kokuba itekisi abehamba ngalo liphaphalaze laphuma emgwaqeni ku-M13 eHillcrest ngoLwesibili ebusuku.

Abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko bathola itekisi liphumile emgwaqeni.

Umshayeli walo ubevaleleke ngaphakathi kungaphumeko esihlalweni sakhe.

Ngesikhathi kuhlolwa isimo sakhe, kutholakale ukuthi umphefumulo usuhlukene nenyama.

Kusetshenziswe izindlawu ukuze kululwe itekisi bese ekhishwa kahle. 

Imbangela yalesi sehlakalo ayicacile kahle, kodwa amaphoyisa ayaqhubeka nophenyo.

IZITHOMBE: 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...