IZITHOMBE: Kushone 3 wabantu kungqubuzana itekisi nemoto encane eThekwini

2017-05-19 11:00

Durban - Kushone abantu abathathu engozini ebandakanya itekisi kanye nemoto encane eGreenwood Park, enyakatho yeTheku ngoLwesihlanu ekuseni.

Izimoto ezimbili zingqubuzane kuQueen Nandi Drive noRosary Road.

Okhulumela iRescue Care, uGarrith Jamieson, uthi kushone abesilisa ababili kanye nowesifazane oyedwa endaweni yesigameko.

"Abosizo lokuqala ngesikhathi besematasa bezama ukuhlenga owesifazane emotweni, kutholakale ukuthi abesilisa ababili okukholakala okuthi baneminyaka eko-20 ubudala besebeshonile,” esho.

OLUNYE UDABA: Udilikajele kowagqekeza, wadlwengula intombazane ilele 

Owesifazane ugcine eshonile ngenxa yokuthi ubelimele kabi, ngemuva kwemizuzu engu-30 bezama ukuhlenga impilo yakhe.

“Oyedwa uphuthunyiswe esibhedlela elimele kodwa isimo sakhe besingesibi kakhulu.”

Bonke abantu abashonile, kanye nalowo olimele, bebesemotweni encane.

Abashayeli baphume kule ngozi bengenamyocu.

-ECR

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C High level clouds. Warm. PE: 14-18°C Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...