IZITHOMBE: Kushayisane izitimela ezimbili eGermiston

2018-01-09 11:03

Johannesburg - Kulimale inqwaba yabantu ngesikhathi kushayisana izitimela ezimbili eGermiston ngoLwesibili ekuseni, kusho okhulumela iMetrorail uLillian Mofokeng.

“Ngingakuqinisekisa ukuthi kubenengozi yezitimela. Izitimela zombili beziya eSprings ngesikhathi esinye singena esinye ngemuva,” kusho uMofokeng.

Balinganiselwa kwabangu-226 abantu abalimele, esho.

Abekho okwamanje okubikwa ukuthi bashonile noma basezimeni esibucayi.

OLUNYE UDABA: Umjolo kaFacebook uphethe ngokudlwengulwa kowesifazane

Imbangela yengozi kayikacaci.

Le ngozi yenzeka nje akukapheli nesonto kushone abantu abangu-19 ngesikhathi iloli lishayisana nesitimela eKroonstad.

Isitimela sasisuka ePort Elizabeth silibhekise eGoli ngesikhathi sengozi.

IZITHOMBE: 

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Rain. More clouds than sun. Cool. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...