IZITHOMBE: Sesihleli ku-12 isibalo sabashone engozini ebandakanya isitimela

2018-01-04 14:01

Johannesburg - Sesihleli ku-12 isibalo sabantu abashonile engozini ebandakanya isitimela seShosholoza Meyl ishayisana neloli ngaseKroonstad eFree State ngoLwesine ekuseni.

Kulimale neqwaba yabagibeli, kanti nomshayeli weloli okusolakala ukuthi uyena obesephutheni, uphuthunyswe esibhedlela esesimweni esibucayi.

I-video efakwe ku-Twitter iveza isitimela sivutha amalangabi.

Akucaci ukuthi bangaki abagibeli ebebesesitimeleni kodwa babalelwa kwabangu-100 abalimele.

Isitimela besilibhekise eGoli sisuka ePort Elizabeth ngesikhathi sishayiswa yiloli okukholakala ukuthi liphelelwe amabhuleki.

OLUNYE UDABA: Kuzomenyezelwa imiphumela ka-matric

Isikhulu sePassenger Rail Agency of South Africa (Prasa) uMthura Swarts asizange sikwazi ukuqinisekisa imininingwane yesigameko.

USwarts nokho ukuqinisekisile ukuthi isitela seShosholoza Meyl sibandakanyeke engozini.

Okhulumela i-ER24 uRussel Mering uthe imininingwane ngengozi ayikacaci okwamanje.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...