IZITHOMBE: Kulimale abangu-23 kushayisana amatekisi eRandburg

2017-12-05 12:30

eGoli - Kulimale inqwaba yabagibeli ngesikhathi kushayisana amatekisi emgwaqeni uMalibongwe Drive eRandburg, eGoli, ngoLwesibili ekuseni.

Abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko bathola ukuthi itekisi ingene enye ngasohlangothini.

"Abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko bathola womabili la matekisi elimele, elilodwa beliphakathi nomgwaqo kanti elinye beliseceleni," kusho abe-ER24 ngesitatimende.

OLUNYE UDABA: Kushone abafundi ababili abadabuka eKZN eCuba

Kusetshenziswe izindlawu ukulula la matekisi ukuze kukhishwe abanye abagibeli abebevaleleke ngaphakathi.

Bonke abalimele balashelwe kule ndawo ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...