IZITHOMBE: Kulimale abangu-12 engozini enyantisa igazi eKZN

2018-01-17 14:01

Durban – Kulimale abantu abangu-12 engozini enyantisa igazi ku-M1 Higginson Highway ngoLwesithathu ekuseni.

Abezimo eziphuthumayo bathi itekisi lishayisane nemoto encane ngaphambi kokuba liginqike nabagibeli.

Okhulumela abeRescue Care uGarrith Jamieson uthe:"Abantu abathathu batholakale bevaleleke etekisini. 

OLUNYE UDABA:Kulimale izingane zesikole engozini yetekisi

"Abezimo eziphuthumayo kanye nabezicishamlilo basebenze ngokubambisana ukutakula laba bantu."

Bonke abalimele baphuthunyiswe ezibhedlela ezahlukahlukene.

Kudingeke ukuba kusetshenziswe usizo lokuqala olukhethekile ukuze kuhlengwe impilo yabo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Partly cloudy. Mild. PE: 11-18°C a few tstorms. More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...