IZITHOMBE: Kudume izulu lezandla kugetshengwa imoto yemali eFordsburg

2018-04-09 18:02

eGoli- Imigulukudu ivimbezele iveni lemali eFordsburg ngasedolobheni laseGoli ngoMsombuluko.

Lokhu kwenzeke ekhoneni likaMinti noDolly.

Imibiko ithi kuzwakale kuduma izulu lezandla phakathi emgwaqeni ngesikhathi abasolwa beba izikhwama zemali konogada ebebehamba ngeveni leG4S.

Kwivideo ezungeza ezinkundleni zokuxhumana, kubonakala abasolwa beqhumisa izibhamu abantu abebesegalaji eliseduze becashe ezimotweni besabela impilo yabo.

Kusenjalo, umshayeli wemoto yemali uhlehlele emotweni yabasolwa wayishayisa ngaphambili ngaphambi kokuba abasolwa ababaleke.

OLUNYE UDABA:Buka: UZodwa Wabantu elwa nomlandeli, wamukhipha i-wig ekhanda

Le moto yabasolwa okukholakala ukuthi yiBMW X5 ibonakala iyojika ikhona ihlephukile ngaphambili.

Amaphoyisa awatholakalanga ukuphawula ngalesi sigameko.

Attempted #CITRobbery in Fordsburg JHB . pic.twitter.com/oURh1TagTw

— Yusuf Abramjee (@Abramjee) April 9, 2018 />

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...