IZITHOMBE: IsiNgisi dololo encwadini kaBonang

2017-08-03 17:59

Durban -Ngenyanga kaJuni kwavela izindaba zokuthi uBonang Matheba uzokhipha incwadi mayelana nempilo yakhe.

Le ntokazi esanda ukwenza indumezulu yephathi igubha iminyaka engu-30 idla anhlavana ikhiphe incwadi ethi, Bonang: From A to B.

Le ncwadi bekumele yethulwe ngokusesikweni ngoLwesine mhlaka 3 Agasti (namuhla) kanti vele isihamba phambili ngokudayisa esitolo i-Exclusive Books.

Le ntokazi ithathele ezinkundleni zokuxhumana ithakasele lezi zindaba zokuthi incwadi yakhe ihamba phambili.

OLUNYE UDABA:UBonang usheshe ‘wabala amaqanda inkukhu ingakachamiseli’

Lokhu kuthakasa kwakhe kuhlangatshezwe wukudumala abantu bebabaza inqwaba yamaphutha.

Iphutha lokuqala nokuyiphutha elikhulu, lisekhasini lokuqala, emushweni wokuqala lapho le ntokazi ibheda khona usuku lwayo lokuzalwa.

Leli phutha lilandelwa yinqwaba yamaphutha kanti abafundi abathenge le ncwadi bathathele ezinkundleni bezwakalisa ukudinwa ukuthi kungani loqavile kasaziwayo kanye nabashicileli bakhe bengazinikanga isikhathi esanele sokuhlela le ncwadi ngaphambi kokuyishicilela beyidayise.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-28°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Heavy rain. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...